Umxhaso lwendlu kumuntu oyedwa, yigranti kahulumeni enikezwa umuntu siqu ofuna ukuba nobunikazi besitende esinamasevisi noma izinsiza . Umxhaso lwenza ukuthi labo abazuzayo bakwazi ukungenela ikontraki nomakhi, noma ukuthenga indawo yokuhlala evele ikhona, engeyona ingxenye yeprojekthi yomxhaso wendlu osuvele wamukelwe.
Lo mxhaso ubuye usize nalabo okumele bawuthole obafisa ukukhuphula izinga lemixhaso yabo ngokuthola imali-mboleko, kanye nalabo abangakwazi ukuthola imali-mboleko.
izakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma umuntu onemvume yokuhlala unomphela oshadile noma ohlalisana nomunye umuntu isikhathi eside umuntu oneminyaka engaphezulu kuka-21 ubudala onabancike kuye abathola umholo womndeni uhlangene ongu-R3 500 noma ongaphansi kwaleli nani umuntu ongakaze abe nendlu yokuhlala ngaphambilini abenzi-zicelo abakhubazekile abenza izicelo sokushintshelwa okuthile.
Gcwalisa ifomu lesicelo elitholakala kuphela kwaboMnyango wezeZindlu wesiFundazwe , emabhangi kanye nakomasipala.
Thatha ifomu uhambe nalo kwabomthetho ababhekana nokubhalisa ubunikazi bempahla ukusuka komunye ukuya komunye ukuyogcwalisa iSigaba G.
Thatha ifomu uhambe nalo kuMboleki noma kwisikhungo sezezimali ukugcwalisa iSigaba H umangabe leso sicelo sihambisana nokuthola imali-mboleko.
Hambisa ifomu kuSokontilaki ukugcwalisa iSigaba I, uma kuyindlu esanda kwakhiwa.
Hambisa nawo wonke amadokhumende esiqinisekiso, isibonelo, incwadi kamazisi, isitifikedi somshado, isitifikedi sokuzalwa, ubufakazi bomholo kanye netayitela lokuthenga.
Asikho isikhathi esibekiwe.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
